- Amakhasimende afaka umbhalo wawo ukuze athole isilinganiso sezindleko
ngokuthi agcwalise ifomu elingaphansi kuka-“Isilinganiso Sezindleko”
noma ngokusebenzisa i-imeyili. Amakhasimende acela isilinganiso sezindleko
kufanele anikeze igama nekheli lenkampani, umuntu okuzothintwana naye,
imininingwane azothintwa ngayo (ucingo, ifeksi ne-imeyili), ulimi/izilimi
okususelwa kuzo, ulimi/izilimi okuqondwe kuzo, inani lamagama, uhlobo
lombhalo (onezobuchwepheshe, owezomthetho, owezokwelapha, owezesayensi)
kanye nesikhathi esinqunyiwe (isikhathi nosuku). Sicela uqaphele ukuthi
amakhasimende akwazi ukwenza amagama ayi-1500 kuye kwayi-2500 ngosuku,
kuthi abantu abafunda bakhombise amaphutha embhalweni bakwazi ukusebenza
ngamagama ayi-1500 nayi-2500 ngehora.
- IVita Brevis Language ithumela isilinganiso sezindleko.
- Uma kwenzeka ikhasimende lisemukela, isilinganiso sezindleko kumele
sisayinwe bese sithunyelwa ngefeksi ku-+27-21-889-6751.
- Lapho iVita Brevis Language isishilo ukuthi isitholile isilinganiso
esisayiniwe, umbhalo wabelwa omunye weqembu lethu labahumushi abangochwepheshe.
- Lapho usuqediwe, umbhalo ohunyushiwe uyahlolwa ukuqinisekisa ukuthi
wenziwe kahle bese ubuyiselwa kumakhasimende nge-imeyili.
|